Ukwakhiwa kwethempeli
1Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngoku thi:
2Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Lababantu bathi: Akukabi-yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.
3Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi:
4Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, lendlu iseyize, na?
5Ngalokho usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.
6Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.
7Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.
8Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe, usho uJehova.
9Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na? usho uJehova-Sebawoti. Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube-yilowo nalowo endlini yakhe.
10Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho-mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba-nazithelo.
11Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.
12UZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengokuba uJehova uNkulunkulu wabo emthumile; abantu besaba phambi kukaJehova.
13Wayesekhuluma uHagayi, isithunywa sikaJehova, ngesimemezelo sikaJehova kubantu, wathi: Nginani, usho uJehova.
14UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wabo,
15ngosuku lwamashumi amabili nane ngenyanga yesithupha ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi.