UJakobe eseBethele
1UNkulunkulu wathi kuJakobe: Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu ialtare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela uEsawu umfowenu.
2Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababenaye: Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,
3sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu ialtare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba-nami endleleni engangiyihamba.
4Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kweoki* elalingaseShekemi.
5Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.
6UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababenaye.
7Wakha khona ialtare, wayibiza indawo ngokuthi iEli-Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.
8UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kweoki*; igama lalo labizwa ngokuthi iAlonibakuti*.
Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli
9UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani-Aramu, wambusisa.
10UNkulunkulu wathi kuye:
Igama lakho linguJakobe,
igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;
igama lakho lizakuba-nguIsrayeli;
wayeseqamba igama lakhe ngokuthi uIsrayeli.
11UNkulunkulu wathi kuye:
NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande;
isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;
amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
12izwe engamupha lona oAbrahama noIsaka,
ngiyakulinika wena;
nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.
13UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulumé naye khona.
14UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulumé naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.
15UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.
16Base besuka eBethele; kwakuseyibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.
17Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: Ungesabi, ngokuba uzakuba-nenye indodana futhi.
18Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.
19Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.
20UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube-namuhla.
21UIsrayeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere.
22Kwathi uIsrayeli esehlala kulelozwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; uIsrayeli wakuzwa lokho.
Amadodana kaJakobe nokufa kukaIsaka
Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
23Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, noIsakare, noZebuloni.
24Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.
25Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.
26Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi noAsheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani-Aramu.
27UJakobe wafika kuIsaka uyise eMamre ngaseKiriyati-Araba, okuyiHebroni, lapho oAbrahama noIsaka kade bebegogobele khona.
28Izinsuku zikaIsaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
29UIsaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. OEsawu noJakobe amadodana akhe bammbela.