UJakobe uyabalekela ezihlotsheni zaseHarana
1UIsaka wambiza uJakobe, wambusisa, wamyala, wathi kuye: Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.
2Vuka uye ePhadani-Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko, uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.
3UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube-yizizwe eziningi,
4akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona uAbrahama.
5UIsaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani-Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe noEsawu.
6UEsawu ebona ukuthi uIsaka umbusisile uJakobe, wamthuma ePhadani-Aramu ukuyothatha khona umfazi, nokuthi lapho embusisa wamyala wathi: Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,
7nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani-Aramu,
8khona uEsawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni kaIsaka uyise,
9waya kuIshmayeli, wathatha uMahalati indodakazi kaIshmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe-ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo.
Iphupho likaJakobe eseBethele
10UJakobe wayesemuka eBeri-Sheba, waya eHarana.
11Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyondawo.
12Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswé emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.
13Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu kaIsaka; lelizwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.
14Inzalo yakho iyakuba-ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.
15Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kulelizwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.
16Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe, wathi: Imbala uJehova ukulendawo, mina-ke bengingakwazi.
17Washaywa luvalo, wathi: Yeka ukwesabeka kwalendawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.
18UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeké phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba-yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.
19Waqamba igama laleyondawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.
20UJakobe wenza isithembiso, wathi: Uma uNkulunkulu eyakuba-nami, angilondoloze kulendlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,
21ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, khona uJehova uyakubanguNkulunkulu wami,
22nalelitshe engilimisé libe-yinsika liyakuba-yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.