UIsaka unganwa nguRebeka
1UAbrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile uAbrahama kukho konke.
2Wayesethi uAbrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.
3Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,
4kepha uye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami uIsaka umfazi.
5Inceku yathi kuyo: Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela, eze kulelizwe; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni, lapho wavela khona na?
6UAbrahama wathi kuye: Qaphela ukuba ungayibuyiseli khona indodana yami.
7UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: Ngiyakulinika inzalo yakho lelizwe; uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.
8Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesisifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.
9Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika-Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngalendaba.
10Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.
11Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
12Yathi: Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami uAbrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami uAbrahama umusa.
13Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.
14Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho, ibe-yileyo-ke oyimisele inceku yakho uIsaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.
15Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.
16Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.
17Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.
18Yathi: Phuza, nkosi; yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo, yayiphuzisa.
19Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke.
20Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo.
21Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.
22Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli*, namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:
23Wena uyindodakazi kabani na? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?
24Yathi kuyo: Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.
25Yaqhubeka yathi kuyo: Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.
26Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova,
27yathi: Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami uAbrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube-sendlini yabafowabo benkosi yami.
28Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezozinto.
29URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowomuntu ngasemthonjeni.
30Kwathi eseboné icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: Washo njalo lomuntu kimi, waya kulowomuntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.
31Wathi: Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.
32Wayesengena endlini lowomuntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.
33Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle, kepha wathi: Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami. Wathi: Khuluma.
34Wayesethi: Ngiyinceku ka-Abrahama.
35UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba-nkulu; uyiniké izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.
36USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho.
37Inkosi yami yangifungisa yathi: Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo,
38kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami umfazi.
39Ngase ngithi enkosini yami: Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.
40Wathi kimi: UJehova, engihambé ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.
41Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami.
42Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngithi: Jehova Nkulunkulu wenkosi yami uAbrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo,
43bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,
44ithi kimi: Phuza wena, futhi ngizakuwakhelela namakamela akho, kube-yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.
45Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni, wakha; ngathi kuye: Ake ungiphuzise.
46Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho; ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa.
47Ngambuza ngathi: Wena uyindodakazi kabani na? Wathi: Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka; ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.
48Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova, ngabonga uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami uAbrahama, obengiholé endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.
49Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
50Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: Lendaba ivela kuJehova; asinakusho-lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.
51Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe-ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.
52Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova.
53Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.
54Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuké ekuseni, yathi: Ngithumeni enkosini yami.
55Umnewabo nonina bathi: Ake ihlale kithina intombazana izinsukwana, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe.
56Yathi kubo: Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.
57Base bethi: Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.
58Bambiza uRebeka, bathi kuye: Uzakuhamba nalendoda na? Wathi: Ngizakuhamba.
59Base bemukisa udadewabo uRebeka, nomzanyana wakhe, nenceku ka-Abrahama, namadoda ayo.
60Bambusisa uRebeka, bathi kuye:
Dadewethu, yiba-wena izinkulungwane zezigidi,
inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.
61URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.
62Kepha uIsaka wabuya ngaseBeri-Lahayi-Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.
63UIsaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.
64NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile uIsaka wehla ekameleni.
65Wathi encekwini: Ngubani lendoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na? Yathi inceku: Yinkosi yami; wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.
66Inceku yayisimtshela uIsaka konke ebikwenzile.
67UIsaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; uIsaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.