Ukuthenjiswa kukaIsaka
1UAbrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala kuAbrama, wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.
2Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.
3UAbrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:
4Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba-nguyise wezizwe eziningi.
5Igama lakho alisayikuthiwa uAbrama, kepha igama lakho lizakuba-nguAbrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.
6Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.
7Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibeyisivumelwano esiphakade, ngibe-nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.
8Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe-yifa laphakade, ngibe-nguNkulunkulu wabo.
9Wayesethi uNkulunkulu kuAbrahama: Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo.
Ukusoka
10Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.
11Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube-luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.
12Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwé ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.
13Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwé ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba-senyameni yenu, sibe-yisivumelwano esiphakade.
14Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.
15UNkulunkulu wathi kuAbrahama: USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe-nguSara.
16Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abeyizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.
17UAbrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
18Wathi uAbrahama kuNkulunkulu: Sengathi uIshmayeli angaphila phambi kwakho.
19UNkulunkulu wathi: Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi uIsaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibeyisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.
20NgoIshmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.
21Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami noIsaka azakukuzalela yena uSara ngalesisikhathi ngomnyaka ozayo.
22UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya uAbrahama.
Ukusokwa kwabantu baka-Abrahama
23UAbrahama wathatha uIshmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwé ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolosuku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.
24UAbrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.
25UIshmayeli indodana yakhe wayeneminyaka eyishumi nantathu mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.
26UAbrahama nendodana yakhe uIshmayeli basokwa ngalusuku lunye.
27Onke amadoda emzini wakhe ayezelwe endlini nayethengwé ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.