Isivumelwano sikaJehova noAbrama
1Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova kuAbrama ngombono, lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba-mkhulu kakhulu.
2Kepha uAbrama wathi: Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami inguEliyezeri waseDamaseku.
3UAbrama wathi futhi: Bheka, awunginikanga-nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba-yindlalifa yami.
4Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.
5Wamphumisela ngaphandle, wathi: Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala. Wathi kuye: Kuyakubanjalo inzalo yakho.
6Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba-ngukulunga.
7Wayesethi kuye: NginguJehova owakuphumisa eUri lamaKaledi ukuba ngikunike lelizwe libe-yifa lakho.
8Wathi: Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?
9Wathi kuye: Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe nephuphu lejuba.
10Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba-yileyo naleyonxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga.
11Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; uAbrama wawaxosha.
12Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela uAbrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.
13Wathi kuAbrama: Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba-ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe-yisigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.
14Kepha lesosizwe eyakuba-yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.
15Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala.
16Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.
17Kwathi ngokushona kwelanga kwaba-mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezozinxenye.
18Ngalolosuku uJehova wasenza isivumelwano noAbrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho lelizwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube-semfuleni omkhulu, umfula uEwufrathe:
19amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni,
20namaHeti, namaPherizi, namaRefa,
21nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.