Impi kaKedorlawomere
1Kwathi emihleni ka-Amrafeli inkosi yaseShineyari, noAriyoki inkosi yase-Elasare, noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe,
2baphaka impi noBera inkosi yaseSodoma, noBirisha inkosi yaseGomora, noShinabe inkosi yaseAdima, noShemebere inkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari.
3Bonke laba bahlangana esiGodini saseSidimi esiluLwandle lukaSawoti.
4Iminyaka eyishumi nambili bamkhonza uKedorlawomere, kepha ngomnyaka weshumi nantathu bahlubuka.
5Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa eAshiteroti-Karinayimi, namaZuzi eHamu, namaEmi eShave-Kiriyatayimi,
6namaHori entabeni yawo iSeyiri, kwaze kwaba-se-Eli-Pharanu ngasehlane.
7Base bebuyela emuva, beza e-Eni-Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni-Tamari.
8Yaphuma inkosi yaseSodoma, nenkosi yaseGomora, nenkosi yaseAdima, nenkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari; bahloma, balwa nabo esiGodini saseSidimi.
9Balwa noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, noAmrafeli inkosi yaseShineyari, noAriyoki inkosi yase-Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu.
10IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume*; inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.
11Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.
12Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka-Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka.
Ukusiza kuka-Abrama nokukhululwa kukaLoti
13Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela uAbrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasemaokini* kaMamre umAmori, umfowabo kaEshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene noAbrama.
14Nxa uAbrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba-kwaDani.
15Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku.
16Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.
OAbrama noMelkisedeki
17Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma, yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.
18UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
19Wambusisa wathi: UAbrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.
20Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke oniké izitha zakho esandleni sakho. UAbrama wamnika okweshumi kwakho konke.
21Inkosi yaseSodoma yathi kuAbrama: Ngiphe abantu, uzithathele impahla.
22Kepha uAbrama wathi enkosini yaseSodoma: Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,
23ngithi angiyikuthatha umucwana nomchilo wezicathulo nokunye okwakho ukuba ungasho ukuthi: Ngimcebisile uAbrama,
24kuphela lokho ezikudlile izinceku, nesabelo samadoda ayehamba nami; oAnere, noEshikoli, noMamre mabathathe isabelo sabo.