Umsebenzi wokwakha uyathiywa
1Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ithempeli,
2zasondela kuZerubabele nakuzo izinhloko zawoyise, zathi kubo: Masakhe nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani, sinikela kuye kwasemihleni kaEsari-Hadoni inkosi yaseAsiriya owasikhuphulela lapha.
3Kepha oZerubabele noJeshuwa nensali yezinhloko zawoyise bakwaIsrayeli bathi kuzo: Aninandaba nathi yokwakhela uNkulunkulu wethu indlu, kepha thina sodwa siyakumakhela uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli njengokusiyala kwenkosi uKoresi, inkosi yasePheresiya.
4Abantu balelozwe base bedangalisa izandla zabantu bakwaJuda, babesabisa ekwakheni,
5babaqashela abeluleki, bashafisa amasu abo zonke izinsuku zikaKoresi inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba-sekubuseni kukaDariyu inkosi yasePheresiya.
6Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.
7Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba kuAritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesiAramu, kwachazwa ngesiAramu.
8URehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali babhala incwadi enje kuAritahishashita inkosi ngeJerusalema ngokuthi:
9URehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo, amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, namaElamu,
10nezinye izizwe ezathunjwa nguOsinaphari omkhulu nodumileyo, zahlaliswa emzini waseSamariya nakwelinye phesheya koMfula*, nokuthi nokuthi.
11Nansi impinda yencwadi abayithuma kuAritahishashita inkosi yokuthi: Izinceku zakho abantu abaphesheya koMfula*, nokuthi nokuthi.
12Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.
13Makwazeke enkosini kalokhu ukuthi uma lomuzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni.
14Njengokuba manje sidla usawoti wendlu yenkosi, kungasifanele ukuba sibone ihlazo lenkosi, ngalokho sithumele sayazisa inkosi
15ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lomuzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lomuzi wachithwa.
16Siyazisa inkosi ukuthi uma lomuzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba-nasiqephu phesheya koMfula*.
17Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula* yokuthi: Ukuthula, nokuthi nokuthi.
18Incwadi enayithuma kithina ifundwé kahle phambi kwami.
19Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowomuzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.
20Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula*; aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.
21Makuyalezwe ukuba labobantu bathiywe, ungakhiwa lowomuzi, ngize ngiyaleze mina.
22Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho; kungase kwande ukonakala, kulimaze amakhosi, na?
23Lapho impinda yencwadi yenkosi uAritahishashita isifundiwe phambi kwawoRehumi noShimshayi umbhali nabangane babo, bashesha baya eJerusalema kubaJuda, babathiya ngezikhwepha nangamandla.
24Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba-ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.