Ukwahlulela kukaNkulunkulu
1Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: Mazisondele izijeziso zomuzi, kube-yilowo nalowo abenezikhali zokubulala esandleni sakhe.
2Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni lealtare lethusi.
3Inkazimulo kaNkulunkulu kaIsrayeli yayenyukile ekherubini* eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu, wayibiza indoda eyembethe ilineni, eyayinophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo.
4UJehova wathi kuyo: Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.
5Kwamanye washo ezindlebeni zami, wathi: Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabinabubele,
6nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.
7Wathi kuwo: Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani! Aphuma, abulala emzini.
8Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwaIsrayeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?
9Wathi kimi: Ububi bendlu yakwaIsrayeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.
10Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela, ngingabi-nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.
11Bheka, indoda eyembethe ilineni, inophondo lukayinki* ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: Ngenzile njengokungiyala kwakho.