1Nanka amagama ezizwe. Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube-sekuyeni eHamati naseHasari-Enani, emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho, eceleni kweHamati, uDani uyakubanesabelo, abe-nohlangothi lwasempumalanga kuze kube-sentshonalanga.
2Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uAsheri uyakuba-nesabelo.
3Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali uyakuba-nesabelo.
4Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba-nesabelo.
5Ngasemkhawulweni wakwaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uEfrayimi uyakuba-nesabelo.
6Ngasemkhawulweni wakwaEfrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uRubeni uyakuba-nesabelo.
7Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba-nesabelo.
8Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba-ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube-yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube-njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe-phakathi naso.
9Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba-yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube-yizinkulungwane eziyishumi.
10Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba-yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe-phakathi nawo.
11Uyakuba-ngowabapristi, abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki, abagciné inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwaIsrayeli, njengalokho aduka amaLevi.
12Uyakuba-kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi.
13Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba-nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube-yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube-yizinkulungwane eziyishumi.
14Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.
15Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba-ngezokungengcwele, zibengezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube-phakathi nazo.
16Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu.
17Umuzi uyakuba-namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu.
18Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba-yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe-ngukudla kwabasebenza emzini.
19Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwaIsrayeli.
20Wonke umnikelo uyakuba-yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.
21Okuseleyo kuyakuba-ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube-ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube-phakathi nakho.
22Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba-phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube-phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.
23Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba-nesabelo.
24Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba-nesabelo.
25Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uIsakare uyakuba-nesabelo.
26Ngasemkhawulweni wakwaIsakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni uyakuba-nesabelo.
27Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothin lwasempumalanga kuze kube-sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba-nesabelo.
28Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube-semanzini aseMeribati-Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle oluKhulu.
29Yilo lelizwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe-yifa lezizwe zakwaIsrayeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.
Amasango omuzi
30Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa.
31Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwaIsrayeli, amasango amathathu abe-ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.
32Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango amathathu: elinye yisango lakwaJosefa, elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani.
33Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa, namasango amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwaIsakare, elinye yisango lakwaZebuloni.
34Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.
35Nxazonke kuyakuba-yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; igama lomuzi kusukela kulolusuku liyakuthiwa ujehova ulapha.