1Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isango legceke elingaphakathi, elibheké ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa, livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.
2Isikhulu siyakungena ngendlela yompheme wesango ngaphandle, sime ngasensikeni yesango, abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango; besesiphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube-kusihlwa.
3Abantu bayakukhuleka esivalweni salelosango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.
4Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba-ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;
5umnikelo wempuphu uyakuba-yiefa* ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube-njengamandla aso, kubeyihini* lamafutha nge-efa.
6Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube-yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.
7Siyakulungisa umnikelo wempuphu: iefa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundla kube-njengamandla aso, kube-yihini* lamafutha nge-efa.
8Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo.
9Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angené ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.
10Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.
11Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba-yiefa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube-njengamandla aso, kube-yihini* lamafutha nge-efa.
12Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe-ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheké ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, besesiphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.
13Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe-ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo.
14Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa* nenxenye yesithathu yehini* lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube-ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.
15Bayakulungisa-ke iwundlu, nomnikelo wempuphu, namafutha ekuseni njalo, kube-ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.
16Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa.
17Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso, siyakuba-ngesayo kuze kube-semnyakeni wokukhululeka, besesibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba-ngelamadodana aso.
18Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube-yilowo nalowo nemfuyo yakhe.
19Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheké ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.
20Wathi kimi: Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.
21Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.
22Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.
23Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.
24Wathi kimi: Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.