1Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe-ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo, okungcwele kwezwe, ubude bube-ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube-yizinkulungwane eziyishumi, kube-ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.
2Kulokhu kuyakuba-ngokwendlu engcwele okubude bakho bungezamakhulu ayisihlanu nokobubanzi bakho bungamakhulu ayisihlanu, kunezinhlangothi ezine nxazonke, nezingalo ezingamashumi ayisihlanu zibe-ngezamadlelo akho nxazonke.
3Kuso lesisilinganiso uyakulinganisa ubude obuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi, kube-yindawo engcwele kakhulu.
4Kungokungcwele kwezwe, kungokwabapristi, izikhonzi zendlu engcwele ezisondela ukumkhonza uJehova, kubeyindawo yezindlu zabo nendawo engcwele yendlu engcwele.
5Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba-ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe-yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo.
6Niyakunika umuzi ifa lezinkulungwane eziyisihlanu ububanzi nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude eceleni komnikelo wokungcwele, libe-ngelendlu yonke yakwaIsrayeli.
7Okungokwesikhulu kuyakuba-ngalapha nangalapha komnikelo wokungcwele nefa lomuzi, phambi komnikelo wokungcwele naphambi kwefa lomuzi, ngasohlangothini lwasentshonalanga kubheké entshonalanga, nangasohlangothini lwasempumalanga kubheke empumalanga, ngobude kulingane nesinye sezabelo zezizwe, kusukela emkhawulweni wasentshonalanga kuze kube-semkhawulweni wasempumalanga.
8Kuyakuba-yifa laso ezweni lakwaIsrayeli, izikhulu zami zingasacindezeli abantu bami, kepha zinike indlu yakwaIsrayeli njengezizwe zayo.
9Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina-zikhulu zakwaIsrayeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.
10Niyakuba-nezilinganiso ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nebhati* elilungileyo.
11Iefa nebhati kuyakuba-yisilinganiso sinye, ukuze ibhati lifumbathe okweshumi kwehomere*, ne-efa okweshumi kwehomere, isilinganiso salo sibe-ngokwehomere.
12Ishekeli* liyakuba-ngamagera* angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba-yimane* kini.
13Lokhu kungumnikelo eniyakunikela ngawo: inxenye yesithupha ye-efa lehomere likakolweni nenxenye yesithupha ye-efa lehomere lebhali*,
14namafutha anqunyiweyo, ibhati lamafutha: inxenye yeshumi yebhati lekhori* elingamabhati ayishumi njengehomere, ngokuba amabhati ayishumi ayihomere,
15newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwaIsrayeli, libe-ngumnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova.
16Bonke abantu bezwe bayakuba-kulomnikelo wesikhulu sakwaIsrayeli.
17Kuyakuba-phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwaIsrayeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwaIsrayeli ukubuyisana.
18Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.
19Umpristi uyakuthatha kulo igazi lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, nasemagumbini omane onqenqema lwealtare, nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi.
20Uyakwenze njalo ngolwesikhombisa lwenyanga ngaye wonke umuntu odukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.
21Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga niyakuba-nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo.
22Ngalolosuku isikhulu siyakuzilungisela sona nabantu bonke bezwe inkunzi ibe-ngumnikelo wesono.
23Izinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakulungisela uJehova umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici imihla ngemihla ngalezozinsuku eziyisikhombisa, kanye nempongo imihla ngemihla ibe-ngumnikelo wesono.
24Siyakulungisela inkunzi umnikelo wempuphu, iefa*, ne-efa ngenqama, nehini* lamafutha nge-efa.
25Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezozinsuku eziyisikhombisa, kunjengomnikelo wesono, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namafutha.