1Wena-ndodana yomuntu, profetha ngoGogi, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene naweGogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali.
2Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba, ngikuyise ezintabeni zakwaIsrayeli,
3ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.
4Uyakuwa ezintabeni zakwaIsrayeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
5Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.
6Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.
7Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami uIsrayeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwaIsrayeli.
8Bheka, kuyeza, kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova; yilolosuku engikhulumé ngalo.
9Abahlala emizini yakwaIsrayeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu, iminsalo nemicibisholo, nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.
10Abayikuthatha-muthi endle, bangagawuli emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, bamuke ababamukileyo, isho iNkosi uJehova.
11Kuyakuthi ngalolosuku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna kwaIsrayeli, isiGodi sabaDlulayo ngasempumalanga kolwandle, ivimbe abadlulayo, bembele khona uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoniGogi.
12Indlu yakwaIsrayeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ihlambulule izwe.
13Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube-ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.
14Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.
15Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu, bayakumisa isiboniso eceleni kwalo, abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni-Gogi.
16Kuyakuba-khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba-yiHamoni. Bayakuhlambulula kanjalo izwe.
17Wena-ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwaIsrayeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.
18Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.
19Niyakudla amanoni nize nisuthe, niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.
20Niyakusutha etafuleni lami ngamahashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi, isho iNkosi uJehova.
21Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe, zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeké kuzo.
22Isiyakwazi indlu yakwaIsrayeli ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, kusukela kulolosuku kuya phambili.
23Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwaIsrayeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.
24Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngasitheza ubuso bami kubo.
25Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwaIsrayeli, ngibe-nomhawu ngegama lami elingcwele.
26Bayakuthwala ihlazo labo nazo zonke izeqo zabo abeqé ngazo kimi, lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,
27lapho ngibabuyisile kubantu, ngibabuthile emazweni ezitha zabo, ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.
28Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe, nangokuba ngababutha ezweni lakubo; angisayikushiyamuntu wabo khona;
29angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwaIsrayeli, isho iNkosi uJehova.