Isiprofetho ngeGibithe
1Ngomnyaka weshumi ngenyanga yeshumi ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe, uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe,
3ukhulume uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Bheka, ngimelene nawe-Faro, nkosi yaseGibithe,
drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho
uthi: Umfula ungowami,
mina ngiwenzile.
4Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho,
nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho
ezingcwecweni zakho,
ngikukhuphule phakathi kwemifula yakho
kanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho
ezinamathela ezingcwecweni zakho.
5Ngiyakukulahla ehlane,
wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,
uwe ebusweni bomhlabathi;
awuyikubuthwa, ulandwe;
ngiyakukunika ube-ngukudla kwezilwane zomhlaba
nokwezinyoni zezulu.
6Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi
ukuthi nginguJehova,
ngokuba bebeludondolo lohlanga
kuyo indlu yakwaIsrayeli.
7Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,
uklebhula zonke izinhlangothi zabo;
nalapho bencika kuwe, uyaphuka,
untengantengise zonke izinkalo zabo.
8Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.
9Izwe laseGibithe liyakuba-yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, mina ngiwenzile.
10Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe-yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kubeseSevene, kuze kube-semkhawulweni waseKushe.
11Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane.
12Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe-yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe-yincithakalo iminyaka engamashumi amane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
13Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo,
14ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe, ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi, izwe lokudabuka kwabo, babe-ngumbuso ophansi khona.
15Liyakuba-phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.
16Alisayikuba-yithemba kuyo indlu yakwaIsrayeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
17Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
18Ndodana yomuntu, uNebukadiresari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.
19Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadiresari inkosi yaseBabele izwe laseGibithe; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube-yinkokhelo yempi yakhe.
20Ngiyamnika izwe laseGibithe ngomsebenzi owakhonza ngawo, abawenza kimi, isho iNkosi uJehova.
21Ngalolosuku ngiyakuhlumisa uphondo endlini kaIsrayeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.