Iziprofetho ngoAmoni, noMowabi, noEdomi, namaFilisti
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uprofethe ngabo,
3uthi kubantwana bakwa-Amoni: Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,
4bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube-yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.
5Ngiyakwenza iRaba libe-yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe-yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.
6Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushayé ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwaIsrayeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,
7bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ubeyimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.
8Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,
9bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba-nemizi, kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti-Jeshimoti, neBaliMehoni, neKiriyatayimi,
10ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa-Amoni, ube-yifa labo, ukuze abantwana bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe,
11ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.
12Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uEdomi ephathé indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo,
13ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami kuEdomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube-seDedani.
14Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kukaEdomi ngesandla sabantu bami uIsrayeli, benze kwaEdomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.
15Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba amaFilisti enzé impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo,
16ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.
17Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.