UHEZEKELI 15
Umvini owomileyo
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na?
3Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka kuso isitsha, na?
4Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?
5Bheka, usaphelele awenziwanga waba-ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube-ngokomsebenzi, na?
6Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwuniké umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema.
7Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.
8Ngiyakwenza izwe libe-yincithakalo, ngokuba benzé isiphambeko, isho iNkosi uJehova.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.