Ukuthunjwa
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
3Wena-ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.
4Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni.
5Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona.
6Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho, ukuze ungaboni izwe, ngokuba ngikubeké ukuba ube-yisibonakaliso kuyo indlu yakwaIsrayeli.
7Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.
8Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi:
9Ndodana yomuntu, ayishongo kuwe yini indlu yakwaIsrayeli, indlu ehlubukayo, yathi: Wenzani na?
10Thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lesisiprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwaIsrayeli abaphakathi kwalo.
11Thana: Ngiyisibonakaliso senu; njengalokho ngenzile, kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.
12Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama, siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona, sisibekele ubuso baso, ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso.
13Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.
14Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.
15Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
16Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.
17Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela, uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba,
19uthi kubantu bezwe: Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwaIsrayeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
20Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe-yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.
21Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
22Ndodana yomuntu, siyini lesosaga eninaso ezweni lakwaIsrayeli sokuthi: Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile, na?
23Ngalokho thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele lesosaga, bangabe besafanisa ngaso kwaIsrayeli, kepha khuluma kubo ngokuthi: Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.
24Ngokuba akusayikuba-khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwaIsrayeli.
25Ngokuba mina-Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina-ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.
26Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
27Ndodana yomuntu, bheka, abendlu kaIsrayeli bathi: Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.
28Ngalokho thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa-zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.