Inhlupheko yesibili: amasele
1UJehova wayesethi kuMose: Ngena kuFaro, uthi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
2Uma wenqaba ukuba basuke, bheka, mina ngiyakushaya izwe lakho lonke ngamasele;
3umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa;
4yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.
5UJehova wathi kuMose: Yisho kuAroni, uthi: Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele amasele ezweni laseGibithe.
6UAroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.
7Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.
8Khona uFaro wababiza oMose noAroni, wathi: Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.
9UMose wathi kuFaro: Ziphakamise phezu kwami, usho ukuthi ngizakukuncengela ngasiphi isikhathi wena nezinceku zakho, nabantu bakho ukuba achithwe amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela.
10Wayesethi: Ngomuso. Wathi: Makube-njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.
11Amasele ayakusuka kuwe, nasezindlini zakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, asale emfuleni kuphela.
12OMose noAroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.
13UJehova wenza njengezwi likaMose; amasele afa ezindlini, nasemagcekeni, nasemasimini.
14Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.
15Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza-lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
Inhlupheko yesithathu: omiyane
16UJehova wayesethi kuMose: Yisho kuAroni, uthi: Yelula induku yakho, ushaye uthuli lomhlabathi, lube-ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.
17Benze njalo-ke; uAroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba-ngomiyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba-ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.
18Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babekhona kubantu nasezinkomeni.
19Zase zithi izanusi kuFaro: Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu; kepha inhliziyo kaFaro yaba-lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
Inhlupheko yesine: izibawu
20UJehova wayesethi kuMose: Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.
21Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.
22Ngalolosuku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhé kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.
23Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho; ngomuso siyakuvela lesisibonakaliso.
24Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.
25Khona uFaro wababiza oMose noAroni, wathi: Hambani nihlabele uNkulunkulu wenu kulelizwe.
26Wayesethi uMose: Akufanele ukwenze njalo, ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo, bangasikhandi ngamatshe, na?
27Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.
28Wayesethi uFaro: Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane, kepha ningayi kude kakhulu nokho; ngikhulekeleni.
29Wathi uMose: Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.
30UMose wayesephuma kuFaro, wamncenga uJehova.
31UJehova wayesenza njengezwi likaMose; wasusa izibawu kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.
32UFaro wayenza-lukhuni inhliziyo yakhe nangalesosikhathi futhi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.