UMose ubuyela eSinayi. Izibhebhe ezintsha zamatshe
1UJehova wathi kuMose: Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.
2Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.
3Akuyikukhuphuka-muntu nawe, kungabonakali-muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi-zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyontaba.
4Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.
5UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.
6UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso,
7ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.
8UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.
9Wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibeyifa lakho.
10Wayesethi: Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.
11Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.
12Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe-lugibe kuwe.
13Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule oAshera* babo,
14ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,
15funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,
16uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.
17Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.
18Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.
19Konke okuvula isizalo kungokwami, nawo onke amaduna ezinkomo zakho, amazibulo ezinkomo nawezimvu.
20Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakalimuntu phambi kwami engaphethe-lutho.
21Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.
22Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.
23Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu kaIsrayeli.
24Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho-muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.
25Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.
26Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.
27UJehova wathi kuMose: Zilobele lawamazwi, ngokuba ngokwalawamazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwaIsrayeli.
28Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga-lutho, kaphuzanga-manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.
Inkazimulo yasebusweni bukaMose
29Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.
30Bathi uAroni nabo bonke abantwana bakwaIsrayeli bembona uMose, bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye.
31UMose wayesebabiza; uAroni nazo zonke izinduna zenhlangano babuyela-ke kuye; uMose wayesekhuluma kubo.
32Ngasemuva bonke abantwana bakwaIsrayeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulumé kuye entabeni yaseSinayi.
33UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe.
34Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye, walikhumula iveli waze waphuma; waphuma, wakhuluma kubantwana bakwaIsrayeli lokho akuyalelweyo.
35Abantwana bakwaIsrayeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.