Imithetho yokumisa abapristi
1Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,
2nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwé ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.
3Uyakukufaka eqomeni linye, ukulethe ngeqoma kanye nenkunzi nezinqama zombili;
4usondeze uAroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.
5Wothabatha izambatho, ufake kuAroni ibhantshi, nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe, nesihlangu sesifuba, umbhincise ngebhande* elalukiweyo lengubo yamahlombe;
6ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.
7Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.
8Usondeze namadodana akhe, uwembathise amabhantshi.
9Ubabhincise amabhande* uAroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe-nobupristi, kube-yisimiso esiphakade, wahlukanise uAroni namadodana akhe.
10Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; uAroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.
11Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
12Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni zealtare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngasealtare.
13Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise ealtare.
14Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu*; kungumnikelo wesono.
15Wothabatha inqama ibenye; uAroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.
16Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo ialtare nxazonke.
17Uyihlahlele inqama, uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo, ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo.
18Woyishisa yonke inqama ealtare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.
19Uthabathe enye inqama; uAroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yayo.
20Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze ialtare nxazonke ngegazi.
21Wothabatha igazi elisealtare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho uAroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe-ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.
22Wothabatha amanoni enqama, nomsila ononileyo, nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa;
23uthabathe isinkwa sibe-sinye, neqebelengwane libe-linye lesinkwa esinamafutha, nomqathane ube-munye eqomeni lesinkwa esingenamvubelo eliphambi kukaJehova,
24ubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise kube-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
25Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise ealtare phezu komnikelo wokushiswa, kube-yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.
26Uyakuthabatha isifuba senqama yokwahlukaniselwa kuka-Aroni, usizulise, sibe-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, sibe-yisabelo sakho.
27Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;
28kuyakuba-ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube-yimfanelo ephakade kwabakwaIsrayeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba-ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwaIsrayeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.
29Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba-ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
30Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.
31Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
32UAroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,
33badle lezozinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
34Uma kusala inyama yokwahlukaniselwa kuze kuse noma isinkwa, ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.
35Uyakwenze njalo kuAroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyalé ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba-yizinsuku eziyisikhombisa.
36Imihla yonke wonikela ngenkunzi, ibe-ngumnikelo wesono, ube-ngowokubuyisana, uhlambulule ialtare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.
37Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela ialtare ukubuyisana, ulingcwelise, ialtare libe-ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba-ngabangcwele.
Iminikelo eshiswa imihla yonke
38Yilokhu oyakunikela ngakho ealtare: amawundlu amabili anomnyaka munye imihla ngemihla njalo.
39Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.
40Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwé nokwesine kwehini* lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube-ngumnikelo wokuphuzwa.
41Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa, wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube-yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
42Lo uyakuba-ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.
43Lapho ngiyakuhlangana nabantwana bakwaIsrayeli; liyakungcweliswa yinkazimulo yami.
44Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye nealtare, ngingcwelise noAroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
45Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, ngibe-nguNkulunkulu wabo.
46Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo; nginguJehova uNkulunkulu wabo.