Imithetho yokulunga neyobumnene
1Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube-ngufakazi wamanga.
2Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo;
3nompofu awuyikumvuna ecaleni lakhe.
4Uma ufumana inkabi yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka, woyibuyisela nokuyibuyisela kuso.
5Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ilele phansi komthwalo wayo, wena-ke besewukhetha ukuyiyeka, woyikhumula nokuyikhumula ninaye.
6Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe.
7Deda ube-kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo.
8Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo.
9Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi, lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.
10Iminyaka eyisithupha uyakutshala izwe lakho, uvune izithelo zalo,
11kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe-yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
12Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.
13Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.
Imithetho yemikhosi emikhulu
14Kathathu ngomnyaka wongigcinela umkhosi.
15Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali-muntu phambi kwami ongaphethelutho,
16nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.
17Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.
18Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.
19Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.
Isithembiso sezwe laseKhanani
20Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.
21Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.
22Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba-yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.
23Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.
24Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.
25Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.
26Akuyikuba-khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.
27Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.
28Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.
29Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa, funa izwe libe-yihlane, izilwane zasendle zikwandele.
30Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe.
31Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle oluBomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube-semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhé kulelozwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.
32Awuyikwenza-sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.
33Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba-lugibe kuwe.