Impindiselo yabaJuda
1Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo — nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo —
2abaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi uAhashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.
3Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.
4Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowomuntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
5AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.
6EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu.
7Babulala noParishanidatha, noDalifoni, noAsiphatha,
8noPhoratha, noAdaliya, noAridatha,
9noPharimashita, noArisayi, noAridayi, noVayizatha,
10amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.
11Ngalolosuku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi.
12Inkosi yayisithi kuEsteri inkosikazi: AbaJuda babulele bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi? Isicelo sakho siyini? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.
13UEsteri wathi: Uma kukuhle enkosini, abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla, aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.
14Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.
15AbaJuda ababeseShushani babuthana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.
16Abanye abaJuda ababesezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.
17Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba-lusuku lwedili nolokuthokoza.
18Kepha abaJuda ababeseShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula, balwenza lwaba-lusuku lwedili nolokuthokoza.
19Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube-ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.
Umkhosi wePhurimi
20UMoridekayi waziloba lezozindaba, wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababesezifundeni zonke zenkosi uAhashiveroshi, abaseduze nabakude,
21ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke
22njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba-ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba-lusuku oluhle, bazenze zibe-yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.
23AbaJuda bakwamukela ukwenza lokho abakuqalileyo, nalokho ayekulobé kubo uMoridekayi,
24ngokuba uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, isitha sabo bonke abaJuda, wayecebile ngabaJuda ukuba abachithe, waphonsa iPhure eliyinkatho ukuba abanqobe, abachithe;
25kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelocebo elibi ayelicebé ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.
26Ngalokho babiza lezozinsuku ngokuthi iPhurimi ngegama lePhure. Ngalokho ngenxa yawo onke amazwi aleyoncwadi, nangenxa yalokho ababekubonile ngalendaba, nalokho okubehleleyo,
27abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezozinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,
28zikhunjulwe lezozinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezozinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.
29UEsteri inkosikazi, indodakazi kaAbihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise lencwadi yesibili yePhurimi.
30Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso,
31ukuba aqinise lezozinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezinqunyiweyo njengokuzimisa kukaMoridekayi umJuda noEsteri inkosikazi, nanjengalokho bezimisele bona nenzalo yabo ngendaba yokuzila ukudla nokukhala kwabo.
32Izwi likaEsteri laqinisa lezozindaba zePhurimi, kwalotshwa encwadini.