Ukudabuka nokuthokoza; ukulunga nokungalungi
1Igama elihle lingcono kunamafutha amahle,
nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.
2Kungcono ukuya endlini yokulila
kunokuya endlini yedili,
ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke;
nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.
3Usizi lungcono kunokuhleka,
ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle.
4Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila,
kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.
5Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo
kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.
6Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi,
kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.
7Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,
nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.
8Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;
onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
9Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,
ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.
10Ungasho ukuthi: Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na? Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.
11Ukuhlakanipha kuhle njengefa, yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,
12ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.
13Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?
14Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani-lutho oluyakubakhona emva kwakhe.
15Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.
16Ungabi-ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?
17Ungabi-mubi ngokudluleleyo, ungabi-yisiwula; uyakufelani kungakabiyisikhathi na?
18Kuhle ukuba ubambelele kulokhu, yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke.
19Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe-namandla kunababusi abayishumi abasemzini.
20Ngokuba akukho-muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.
21Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo, funa uzwe inceku yakho ikuthuka,
22ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.
23Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi: Ngiyakuhlakanipha, kepha kwakusala kude nami.
24Okude nokujulile kakhulu, ngubani ongakufumana na?
25Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.
26Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.
27Bheka, nakhu engikufumene, uthi uMshumayeli, ngibeka okunye kokunye ukuba ngithole indikimba yezindaba,
28nokusafunwa ngumphefumulo wami, ngingakakufumani kodwa: indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene, kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga.
29Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba-qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.