Ukungalaleli kukaIsrayeli ehlane
1Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube-sezulwini,
2abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?
3Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.
4Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle lelizwe, ingani kungenxa yobubi balezozizwe uJehova azixosha phambi kwakho.
5Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezozizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, oAbrahama, noIsaka, noJakobe.
6Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki lelizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.
7Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kulendawo nanizingé nihlubuka kuJehova.
8NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.
9Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga-sinkwa, angiphuzanga-manzi.
10UJehova wanginika lezozibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwé ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwé kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.
11Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.
12UJehova wathi kimi: Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.
13UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: Ngibabonile lababantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;
14ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube-yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.
15Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.
16Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyalé ngayo.
17Ngathatha-ke izibhebhe zombili, ngazilahla ezandleni zami zombili, ngazaphula phambi kwamehlo enu.
18Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga-sinkwa, angiphuzanga-manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.
19Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangalesosikhathi.
20UJehova wathukuthelela kakhulu uAroni ukuba ambhubhise; ngamkhulekela uAroni ngalesosikhathi.
21Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba-njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.
22EThabehera naseMasa naseKibiroti-Hathawa namthukuthelisa uJehova.
23Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi-Barineya, ngokuthi: Khuphukani, nilidle izwe engininiké lona, nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.
24Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.
25Ngawela phansi phambi kukaJehova lezozinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.
26Ngakhuleka kuJehova, ngathi: Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.
27Khumbula izinceku zakho oAbrahama, noIsaka, noJakobe, ungabhekinkani yalababantu, nabubi babo, nasono sabo,
28funa izwe owasikhipha kulo lithi: Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembisé lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.
29Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.