UMose ubusisa izizwe zakwaIsrayeli
1Nasi isibusiso uMose umuntu kaNkulunkulu abusisa ngaso abantwana bakwaIsrayeli, engakafi; wathi:
2UJehova wavela eSinayi,
wabaphumela evela eSeyiri,
wanyampuza entabeni yasePharanu,
weza ephuma ezigidini zendawo engcwele;
ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.
3Yebo, uyazithanda izizwe,
bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho;
bahlala ngasezinyaweni zakho,
bamukele okwamazwi akho.
4UMose wasiyaleza umthetho,
ifa lenhlangano kaJakobe.
5Waba-yinkosi eJeshuruni,
lapho izinhloko zabantu zazibuthene,
zonke izizwe zakwaIsrayeli zindawonye.
6Makaphile uRubeni, angafi;
amadoda akhe abe-ngumumo omkhulu.
7Nalokhu wathi ngoJuda:
Yizwa, Jehova, izwi likaJuda,
umlethe kubantu bakubo;
izandla zakho mazimlwele,
ube-lusizo kwabamelene naye.
8NgoLevi wathi:
AmaThumimi namaUrimi* akho
akuye othembekileyo wakho,
owamvivinya eMasa,
owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,
9owathi ngoyise nangonina: Angibabonanga,
angabavuma futhi abafowabo,
angabazi abantwana bakhe,
ngokuba baliqaphele izwi lakho,
bagcina isivumelwano sakho.
10Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho,
noIsrayeli umthetho wakho;
babeka impepho phambi kwamakhala akho,
nomnikelo oshiswa wonke ealtare lakho.
11Busisa, Jehova, amandla akhe,
uyamukele imisebenzi yezandla zakhe;
sicila ukhalo lwabo abamvukelayo,
nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.
12NgoBenjamini wathi:
Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye;
uyamsibekela usuku lonke,
ahlale phakathi kwamahlombe akhe.
13NgoJosefa wathi:
Izwe lakhe malibusiswe nguJehova
ngamagugu asezulwini, nangamazolo,
nangotwa olwenabileyo phansi,
14nangamagugu ezithelo zelanga,
nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,
15nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,
nangamagugu amagquma angunaphakade,
16nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,
nangentando enhle yowahlala esihlahleni;
isibusiso masifike ekhanda likaJosefa
nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.
17Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,
nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;
uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;
zinjalo izigidi zakwaEfrayimi,
zinjalo izinkulungwane zakwaManase.
18NgoZebuloni wathi:
Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,
nawe-Isakare, ematendeni akho.
19Bayakubizela izizwe entabeni,
bahlabele khona imihlatshelo yokulunga;
ngokuba bayakumunca inala yezilwandle,
nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.
20NgoGadi wathi:
Makabusiswe owandisa uGadi:
uhlezi njengengonyamakazi,
udwengula ingalo nokhakhayi.
21Wazikhethela isabelo sokuqala,
ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli;
wahamba nezinhloko zabantu,
wafeza ukulunga kukaJehova,
nezahlulelo zakhe kanye noIsrayeli.
22NgoDani wathi:
UDani uyibhongo lengonyama,
elixhumayo, liphuma eBashani.
23NgoNafetali wathi:
Nafetali, wanelisiwe ngomusa,
ugcwele isibusiso sikaJehova:
yidla wena intshonalanga neningizimu.
24NgoAsheri wathi:
UAsheri makabusiswe phezu kwabantwana,
amukeleke kubafowabo,
acwilise unyawo lwakhe emafutheni.
25Imigoqo yakho iyakuba-ngeyensimbi neyethusi,
nanjengezinsuku zakho oba-njalo amandla akho.
26Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni,
okhwela izulu ukuyokusiza,
nomkhathi ngokuphakama kwakhe.
27UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo,
nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade;
wazixosha izitha phambi kwakho,
wathi: Chitha.
28UIsrayeli usehlezi elondekile;
umthombo kaJakobe wahlukene wodwa
ezweni lamabele nelewayini;
yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.
29Ubusisiwe wena-Israyeli;
ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova
oyisihlangu sosizo lwakho,
oyinkemba yakho ephakanyisiweyo.
Izitha zakho ziyakuzithobela wena,
unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.