Inkulumo kaMose yokuyala
1Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwaIsrayeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.
2UMose wabiza bonke abakwaIsrayeli, wathi kubo: Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:
3izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu;
4kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi, namehlo okubona, nezindlebe zokuzwa kuze kube-namuhla.
5Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
6Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
7Ekufikeni kwenu kulendawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,
8sathatha izwe lakubo, salinika labayifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.
9Ngalokho gcinani amazwi alesisivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.
10Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwaIsrayeli,
11nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,
12ukuba ungene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenzayo nawe namuhla uJehova uNkulunkulu wakho,
13ukuze azimisele wena namuhla ubeyisizwe sakhe, yena abe-nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe, nanjengalokho afunga koyihlo, oAbrahama, noIsaka, noJakobe.
14Akenzi lesisivumelwano nalesisifungo nani nodwa,
15kepha nanomiyo nathi lapha namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, nanongekho nathi namuhla —
16ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,
17nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathu kwazo —
18funa kube-khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezozizwe, kube-phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;
19kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesisifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: Ngiyakuba-nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami, ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,
20uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowomuntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwé kulencwadi zibe-phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.
21UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwaIsrayeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwé kulencwadi yomthetho.
22Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zalesosizwe, nezifo uJehova aligulisé ngazo,
23nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neAdima neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;
24yebo, bonke abantu bayakuthi: UJehova wenzeleni kanje kulelizwe na? Kuthini ukuvutha kwalolulaka olukhulu na?
25Besekuthiwa: Ngokuba besishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,
26baya bakhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu abangabaziyo, angabahlukaniselanga bona,
27ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela lelizwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwé kulencwadi;
28uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.
29Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube-phakade ukuba siwenze onke amazwi alomthetho.