Ulibo
1Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe-yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo,
2uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
3Uyakuya kumpristi oyakuba-khona ngalezozinsuku, uthi kuye: Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.
4Umpristi uyakuthatha iqoma esandleni sakho, alibeke phansi phambi kwealtare likaJehova uNkulunkulu wakho.
5Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba-yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi;
6abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;
7sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;
8uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso,
9wasiletha kulendawo, wasinika lelizwe, izwe elivamé ubisi nezinyosi.
10Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginiké wona wena-Jehova; besewukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,
11wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.
Okweshumi
12Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumniké uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,
13uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyalé ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.
14Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga-lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyalé ngakho.
15Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho uIsrayeli nomhlaba osiniké wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivamé ubisi nezinyosi.
16Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezizimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho.
17Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba-nguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;
18uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba-yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,
19ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, nangegama, nangodumo, ube-yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho njengokusho kwakhe.