Ukulwa kwemibuso
1Ngomnyaka wesithathu kaKoresi inkosi yasePheresiya uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.
2Ngalezozinsuku mina-Daniyeli ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.
3Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.
4Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,
5ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhincé okhalweni igolide elicwengekileyo laseUfazi.
6Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe*, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
7Mina-Daniyeli kuphela ngawubona umbono, ngokuba abantu ababenami abawubonanga umbono, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka ukuba bacashe.
8Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga-mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba-namandla.
9Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheké phansi.
10Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.
11Wathi kimi: Daniyeli, wena-muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywé kuwe; lapho esekhulumile lelizwi kimi, ngema ngithuthumela.
12Wayesethi kimi: Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.
13Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.
14Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.
15Esekhulumile kimi lawomazwi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngathula.
16Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.
17Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona-lapho akusalanga-mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.
18Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.
19Wathi: Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube-kuwe; qina, yebo, mawuqine. Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.
20Wayesethi kimi: Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho ngiphumile kuso, siyakufika isikhulu saseJavani.
21Kepha ngiyakutshela okulotshwé embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.