Ukuchithwa kweSamariya
1Wo kwabazinzileyo eSiyoni,
nabalondekile entabeni yaseSamariya,
abaqhamileyo besokuqala sezizwe,
efika kubo indlu yakwaIsrayeli!
2Dlulelani eKaline, nibone;
nisuke lapho, niye eHamati elikhulu,
besenehlela eGati lamaFilisti;
bahle kunalemibuso yini,
umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?
3nina enidedisela kude usuku olubi,
kepha nisondezile isihlalo sobudlova.
4Balele emibhedeni yophondo lwendlovu,
bacambalala ezinkukhweni zabo;
badla amawundlu omhlambi
namathole avela phakathi kwesibaya.
5Bahaya ngomsindo wogubhu,
baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.
6Baphuza imikhele yewayini,
bazigcoba ngamafutha amahle,
kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
7Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,
kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.
8INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu-Sebawoti, yathi:
Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,
ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;
ngiyakukhaphela umuzi
nokugcwala kwawo.
9Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.
10Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: Kusekhona-muntu kuwe na? yena esephendula athi akusekho, khona wothi: Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.
11Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza:
uyakushaya indlu enkulu ibe-yizihlephu,
nendlu encane ibe-yizingcezu.
12Amahashi ayagijima emadwaleni,
kulinywa elwandle ngezinkabi, na?
Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba-yisihlungu,
nezithelo zokulunga zaba-ngumhlonyane,
13nina enithokoza ngento engelutho,
nithi: Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?
14Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe
nina-ndlu kaIsrayeli, usho uJehova uNkulunkulu-Sebawoti;
bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati
kuze kube-semfuleni waseAraba.