USawulu uzingela amakholwa
1Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe.
Ngalolosuku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.
2Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.
3Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.
UFiliphu ushumayela eSamariya
4Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.
5UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.
6Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo.
7Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafé uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;
8kwaba-khona ukuthokoza okukhulu kulowomuzi.
USimoni oyisanusi
9Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade eyenza imilingo kulowomuzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, ezishaya umuntu omkhulu;
10banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube-kwabakhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi maKhulu;
11babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe.
12Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
13Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.
14Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwa ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;
15sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele,
16ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela.
17Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.
18Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,
19wathi: Ngipheni nami lawomandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.
20Kepha uPetru wathi kuye: Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.
21Awunasabelo nalifa kulelizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.
22Ngakho-ke phenduka kulobububi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,
23ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.
24USimoni wayesephendula ethi: Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli-lutho kimi lwalokho enikushiloyo.
25Kuthé sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.
Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya
26Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.
27Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yaseEtiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;
28ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi uIsaya.
29UMoya wathi kuFiliphu: Sondela, unamathele kuleyonqola.
30UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi uIsaya, wathi: Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?
31Yona yathi: Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na? Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.
32Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:
Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;
njengewundlu elithule phambi komgundi walo
kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.
33Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa.
Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na?
Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.
34Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?
35UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowombhalo washumayela ivangeli ngoJesu.
36Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?
37UFiliphu wathi kuye: Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa. Waphendula wathi: Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.
38Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.
39Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.
40Kepha uFiliphu wafunyanwa eAzotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.