Ukuboshwa kukaPetru noJohane, nokuma kwabo phambi komphakathi wabaJuda
1Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,
2benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo,
3bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba-kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.
4Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba-kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
5Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,
6noAnase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, noAleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,
7babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: Lokho nikwenzé ngamaphi amandla nangaliphi igama na?
8Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: Nina-babusi bezizwe namalunga,
9nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindisiwe ngani,
10makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwaIsrayeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lomuntu phambi kwenu esindile.
11Yena uyitshe eladelelwa yininabakhi, eselaba-yinhloko yegumbi.
12Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
13Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;
14kepha bebona umuntu ophilisiweyo emi nabo, babengenakuphika-lutho.
15Kodwa sebebayalile ukuba baphume emphakathini balulekana bodwa,
16bathi: Sizakubenzani lababantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika.
17Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelogama.
18Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu.
19Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,
20ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.
21Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;
22ngokuba umuntu esenziwe kuye lesosibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka evé emashumini amane.
Ukukhuleka kwebandla
23Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.
24Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,
25owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi:
Kungani ukuba abezizwe baxokozele,
nabantu bacebe okuyize, na?
26Amakhosi omhlaba aqhelile,
nababusi bayihlanganyele
iNkosi noGcotshiweyo wayo.
27Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwaIsrayeli bayihlanganyela kulomuzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo
28ukuzakukwenza lokho okumiswé ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.
29Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi
30ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.
31Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
Ukuhlanganyela kwebandla izinto zonke
32Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.
33Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.
34Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengisé ngakho,
35bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba-yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.
36Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,
37enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.