Isibingelelo
1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,
2kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube-kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli
3Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,
4ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,
5ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uEvnike, yebo, ngiyethemba, nakuwena.
6Ngalesosizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.
7Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
8Ngalokho ungabi-namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu
9owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,
10kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli,
11engamiselwa lona ukuba ngibengummemezeli, nomphostoli, nomfundisi;
12ngalesosizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube-yilolosuku.
13Isibonelo samazwi aphilayo masibeyilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;
14okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.
15Uyazi lokhu ukuthi bonke abaseAsiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.
16INkosi mayinike indlu kaOnesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,
17kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana —
18iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolosuku — konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.