Ukubulawa kukaIshi-Bosheti nokuphindiselwa kwakhe nguDavide
1Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi uAbineri ufile eHebroni, izandla zayo zaba-buthakathaka, nabo bonke abakwaIsrayeli bakhathazeka.
2Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini;
3abaseBeyeroti babalekela eGitayimi, bagogobala khona kuze kube-namuhla.
4UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yabalunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.
5Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba, afika selishisa ilanga endlini kaIshi-Bosheti ephumula embhedeni emini.
6Bangena khona phakathi kwendlu kungathi bayakulanda ukolweni; bamgwaza esiswini; oRekabi noBahana umfowabo babaleka.
7Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe, bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yaseAraba ubusuku bonke.
8Baliyisa ikhanda likaIshi-Bosheti kuDavide eHebroni, bathi enkosini: Nanti ikhanda likaIshi-Bosheti indodana kaSawule, isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.
9UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke,
10umuntu owangitshela ukuthi: Bheka, uSawule ufile, ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eSikilagi, ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;
11kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe, angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni, na?
12UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda likaIshi-Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.