USheba. Izinduna zikaDavide
1Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.
2Bonke abantu bakwaIsrayeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube-seJerusalema.
3UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba-sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.
4Yayisithi inkosi kuAmasa: Ngibuthele abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube-khona nawe.
5Wayesehamba uAmasa ukubutha uJuda, kepha walibala phezu kwesikhathi asinqunyelweyo.
6Wayesethi uDavide kuAbishayi: Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kunoAbisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.
7Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe, namaKhereti namaPheleti, namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.
8Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, uAmasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhincé isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwé okhalweni lwakhe; yawa esehamba.
9UJowabe wayesethi kuAmasa: Usaphila, mfowethu, na? UJowabe wambamba uAmasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.
10Kodwa uAmasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe noAbishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.
11Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.
12UAmasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lomuntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza uAmasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.
13Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.
14Wadabula izizwe zonke zakwaIsrayeli, waze wafika eAbela, naseBeti-Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona.
15Bafika bamvimbezela eAbela laseBeti-Mahakha, banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni; abantu bonke ababenoJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.
16Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini, wathi: Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.
17Wasondela kuye; owesifazane wayesethi: Wena unguJowabe na? Wathi: Nginguye. Wayesethi kuye: Yizwa amazwi encekukazi yakho. Wathi: Ngiyezwa.
18Wathi-ke: Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi: Kuyakubuzwa nokubuzwa eAbela. Base beqeda.
19Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwaIsrayeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwaIsrayeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?
20UJowabe waphendula wathi: Makube-kude, makube-kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.
21Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwaEfrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe, uphakamisele isandla sakhe ngasenkosini, kuDavide; nginikeni yena kuphela, khona ngiyakusuka emzini. Wayesethi owesifazane kuJowabe: Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.
22Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowomuzi, baya, kwabayilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.
23UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwaIsrayeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;
24uAdoramu wayephethe imali; uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana.
25USheva wayengumbhali; oSadoki noAbiyathara babengabapristi;
26uIra umJayiri wayengumpristi kaDavide.