UElisha uphilisa uNahamani
1UNahamani induna yempi yenkosi yaseAramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile iAramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.
2Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo, abuya ezweni lakwaIsrayeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani.
3Yathi enkosikazini yayo: Sengathi inkosi yami ingaba-phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.
4Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: Intombazana yasezweni lakwaIsrayeli yasho ukuthi nokuthi.
5Inkosi yaseAramu yayisithi: Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwaIsrayeli. Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.
6Waletha incwadi enkosini yakwaIsrayeli, ethi: Manje, lapho lencwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.
7Kwathi inkosi yakwaIsrayeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni Iwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.
8Kwathi uElisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwaIsrayeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwaIsrayeli.
9Wayesefika uNahamani namahashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu kaElisha.
10UElisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.
11Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyondawo, aphilise onochoko.
12OAbana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwaIsrayeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na? Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.
13Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: Baba, uma umprofethi ebekhulumé kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: Geza, uhlambuluke, na?
14Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yabanjengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
15Wayesebuyela kulowomuntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwaIsrayeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.
16Kepha wathi: Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela-lutho. Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.
17Wayesethi uNahamani: Uma kunjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi* emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kuJehova kuphela.
18Kulento uJehova makayithethelele inceku yakho: ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni ukukhuleka khona, isencika esandleni sami, ngiguqe nami endlini kaRimoni, lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uJehova makayithethelele inceku yakho lento.
19Wathi kuye: Hamba ngokuthula. Wahamba, wasuka kuye ibangana.
Isono sikaGehazi nesijeziso sakhe
20Kepha uGehazi inceku kaElisha umuntu kaNkulunkulu wathi: Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo waseAramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.
21UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe, wehlika enqoleni ukumhlangabeza, wathi: Nisahlezi kahle na?
22Wathi: Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: Bheka, manje kufiké kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwaEfrayimi; ake uzinike italenta* lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.
23UNahamani wathi: Vuma, wamukele amatalenta* amabili. Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esiliva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.
24Esefiké egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.
25Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. UElisha wathi kuye: Uvelaphi, Gehazi? Wathi: Inceku yakho ayiyanga-ndawo.
26Wayesethi: Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowomuntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?
27Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube-phakade. Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.