UAzariya uyinkosi kwaJuda
1Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi kaIsrayeli uAzariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba-yinkosi.
2Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.
3Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise uAmasiya.
4Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5UJehova wayishaya inkosi, yabangonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu indodana yenkosi wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.
6Ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihle yamakhosi akwaJuda na?
7UAzariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
Amanye amakhosi akwaIsrayeli
8Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uZakariya indodana kaJerobowamu wayeyinkosi kwaIsrayeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.
9Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli.
10UShalumi indodana kaJabeshi wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
11Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli.
12Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: Amadodana akho kuze kube-sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwaIsrayeli. Kwaba-njalo.
13UShalumi indodana kaJabeshi waba-yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye kaUziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya.
14UMenahemu indodana kaGadi wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi indodana kaJabeshi eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
15Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli.
16Ngalesosikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.
17Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba-yinkosi kwaIsrayeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya.
18Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli.
19Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yaseAsiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe-naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.
20UMenahemu wakhiphisa uIsrayeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwabayilowo nalowo amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yaseAsiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yaseAsiriya, ayihlalanga khona ezweni.
21Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
22UMenahemu wayeselala koyise; uPhekaya waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
23Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPhekaya indodana kaMenahemu waba-yinkosi kwaIsrayeli eSamariya, wabusa iminyaka emibili.
24Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli.
25UPheka indodana kaRemaliya induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye noArigobi noAriye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu; wambulala, waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
26Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli.
27Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya waba-yinkosi kwaIsrayeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili.
28Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli.
29Emihleni kaPheka inkosi yakwaIsrayeli kwafika uThigilati-Phileseri inkosi yaseAsiriya, wathatha i-Ijoni, neAbela-Beti-Mahakha, neJanowa, ne-Kedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela eAsiriya.
30UHosheya indodana kaEla wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba-yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana kaUziya.
31Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli.
32Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwaIsrayeli, uJothamu indodana kaUziya inkosi yakwaJuda waba-yinkosi.
33Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.
34Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya.
35Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.
36Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
37Ngalezozinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini inkosi yaseAramu noPheka indodana kaRemaliya.
38UJothamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uAhazi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.