UJehowashi ulungisa ithempeli
1Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba-yinkosi, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri-Sheba.
2UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.
3Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
4UJehowashi wathi kubapristi: Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowomuntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,
5makuthathwe ngabapristi, kube-yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.
6Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.
7Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi, yathi kubo: Anilungisi ngani izimfa zendlu na? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.
8Abapristi bavuma ukuba bangabe besamukela imali kubantu, futhi bangazilungisi izimfa zendlu.
9UJehoyada umpristi wayesethatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwealtare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.
10Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni, umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka, bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova.
11Banika imali elinganisiweyo ezandleni zabasebenzayo, bengababonisi bendlu kaJehova, bakhokhela ababazi nabakhi ababesebenza endlini kaJehova,
12nabakha ngamatshe, nababaza amatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova, yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.
13Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva, nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide, nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,
14ngokuba bayinika abasebenzayo, balungisa ngayo indlu kaJehova.
15Ababalelananga nabantu imali abayibeka ezandleni zabo ukunika abasebenzayo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.
16Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.
UHazayeli uhlasela iJerusalema
17Khona uHazayeli inkosi yaseAramu wenyuka walwa neGati, walithatha; uHazayeli wabhekisa ubuso bakhe ukwenyukela eJerusalema.
18UJehowashi inkosi yakwaJuda wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu noAhaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yaseAramu; wayesesuka eJerusalema.
19Ezinye izindaba zikaJowashi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
20Izinceku zakhe zasuka, zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ekwehleleni eSila.
21UJozakari indodana kaShimeyati noJehozabadi indodana kaShomeri, izinceku zakhe, bambulala, wafa; bammbela koyise emzini kaDavide. UAmasiya indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.