UJehu uyachitha indlu ka-Ahabi: uqothula izinceku zikaBali
1UAhabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:
2Manje njengalokhu lencwadi ifika kinina, lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahashi, kanye nomuzi obiyelweyo, nezikhali,
3ziboneleni enhle nefaneleyo kumadodana enkosi yenu, niyibeke esihlalweni sobukhosi sikayise, nilwele indlu yenkosi yenu.
4Kepha besaba kakhulu impela, bathi: Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?
5Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: Siyizinceku zakho, siyakwenza konke oyakusitshela khona; asiyikwenza-munfu abe-yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.
6Wayeseloba incwadi yesibili kubo, ethi: Uma ninami, nilalela izwi lami, thathani amakhanda alababantu, amadodana enkosi yenu, nize kimi eJizreyeli ngalesisikhathi kusasa; amadodana enkosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.
7Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.
8Kwafika isithunywa, samtshela ukuthi: Balethile amakhanda amadodana enkosi. Wathi: Wabekeni abe-yizinqwaba ezimbili ngasesikhaleni sesango kuze kube-sekuseni.
9Kwathi ekuseni waphuma, wema, wathi kubantu bonke: Nina nilungile; bhekani, mina ngenzele inkosi yami ugobe, ngayibulala, kepha ngubani ogencé bonke laba na?
10Qaphelani manje ukuthi akuyikuwela phansi lutho lwezwi likaJehova alikhulumayo uJehova ngendlu ka-Ahabi; uJehova wenzile lokho akukhulumayo ngesandla senceku yakhe uEliya.
11UJehu wayesebulala bonke abaseleyo bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, nabo bonke abakhulu bakhe, nabazana naye, nabapristi bakhe, waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.
12Wayesesuka, wahamba waya eSamariya; kwathi esendlini yokugunda kwabelusi endleleni,
13uJehu wafumana abafowabo baka-Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: Nina ningobani na? Bathi: Singabafowabo baka-Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.
14Wathi: Babambeni besaphila Babathatha besaphila, bababulala ngasemgodini wendlu yokugunda, abantu abangamashumi amane nambili; kashiyangamuntu kubo.
15Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na? Wathi uJehonadaba: E. Uma kunjalo, nginike isandla sakho. Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.
16Wayesethi: Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova. Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.
17Esefiké eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya, waze wamqeda njengezwi likaJehova alikhuluma kuEliya.
18UJehu wabutha bonke abantu, wathi kubo: UAhabi wamkhonza uBali kancane, kepha uJehu uyakumkhonza kakhulu.
19Ngalokho ngibizele bonke abaprofethi bakaBali, zonke izinceku zakhe, nabo bonke abapristi bakhe, kungasali-muntu, ngokuba nginomhlatshelo omkhulu kuBali; bonke abafunyaniswa bengekho abayikuphila. Kepha uJehu wakwenza ngobuqili ukuba abhubhise izinceku zikaBali.
20Wayesethi uJehu: Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi. Bawumemezela-ke.
21UJehu wathumela kuIsrayeli wonke; zonke izinceku zikaBali zafika, akwaze kwasala-muntu ongafikanga; zangena endlini kaBali, indlu kaBali yagcwala yathi swi, kusukela ekuqaleni kuze kube-sekugcineni.
22Wathi kumphathi wekamelo lezambatho: Zikhiphele zonke izinceku zikaBali izambatho. Wazikhiphela izambatho.
23Wayesengena uJehu noJehonadaba indodana kaRekabi endlini kaBali; wathi ezincekwini zikaBali: Cingani, nibone ukuba kungabikho kini lapha noyedwa wezinceku zikaJehova, izinceku zikaBali kuphela.
24Bangena ukunikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokushiswa. UJehu wayezimisele ngaphandle abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, wathi: Uma kuphunyuka-muntu walababantu engibaletha ezandleni zenu, kuyakuba-ngukuphila ngokuphila.
25Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: Ngenani, nibabulale, kungaphumi-muntu; bababulala ngosiko lwenkemba; abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.
26Bakhipha izinsika ezazisendlini kaBali, bazishisa.
27Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube-namuhla.
28UJehu wamchitha-ke uBali kwaIsrayeli.
29Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.
30UJehova wathi kuJehu: Ngenxa yokuba wenzé kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenzé kuyo indlu ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sikaIsrayeli.
31Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo uIsrayeli.
32Ngalezozinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwaIsrayeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwaIsrayeli,
33kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela eAroweri elingasemfuleni iArinoni, elakwaGileyadi neBashani.
34Ezinye izindaba zikaJehu, nakho konke akwenzayo, nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
35UJehu wayeselala koyise, bammbela eSamariya. UJehowahazi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
36Isikhathi uJehu abusa ngaso kwaIsrayeli eSamariya saba-yiminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili.