Ukugula nokufa kuka-Ahaziya inkosi yakwaIsrayeli
1UMowabi wahlubuka kwaIsrayeli emva kokufa kuka-Ahabi.
2UAhaziya wawa eheleni lekamelo lakhe eliphezulu laseSamariya, wagula, wathuma izithunywa, wathi kuzo: Hambani nibuze kuBali-Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhukugula kwami.
3Kepha ingelosi kaJehova yathi kuEliya waseThishibi: Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithunywa zenkosi yaseSamariya, uthi kuzo: Kungokuba kungekho-Nkulunkulu kwaIsrayeli ukuba niye nibuze kuBali-Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?
4Ngalokho uJehova usho kanje, uthi: Umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa. Wayesesuka uEliya.
5Izithunywa zabuyela kuye; wathi kuzo: Nibuyeleni na?
6Zathi kuye: Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi: Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo, nithi kuyo: Usho kanje uJehova, uthi: Kungokuba kungekho-Nkulunkulu kwaIsrayeli ukuba uthume ukubuza kuBali-Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.
7Wathi kuzo: Bekungumuntu onjani owakhuphuka ukunihlangabeza, wanitshela lawomazwi na?
8Zathi kuye: Umuntu wayenengubo yoboya, ebhincé ibhande* lesikhumba okhalweni lwakhe. Wathi: BekunguEliya waseThishibi.
9Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: Yehla.
10UEliya waphendula, wathi enduneni yamashumi ayisihlanu: Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho. Wehla-ke umlilo ezulwini, wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.
11Wabuye wathuma kuye enye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yathatha yathi kuye: We muntu kaNkulunkulu, isho kanje inkosi, ithi: Shesha wehle.
12Wayesephendula uEliya, wathi kubo: Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho. Wehla-ke umlilo kaNkulunkulu ezulwini, wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.
13Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphuka lenduna yesithathu yamashumi ayisihlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kukaEliya, yamnxusa, yathi kuye: We muntu kaNkulunkulu, ukuphila kwami nokuphila kwalezizinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube-yigugu emehlweni akho.
14Bheka, kwehlé umlilo ezulwini, waqeda izinduna zamashumi ayisihlanu ezimbili zokuqala zinamashumi ayisihlanu azo; kepha manje makube-yigugu emehlweni akho ukuphila kwami.
15Ingelosi kaJehova yathi kuEliya: Yehla naye, ungamesabi. Wasuka wehla naye, waya enkosini.
16Wayesethi kuyo: Usho kanje uJehova, uthi: Lokhu uthumé izithunywa ukubuza kuBali-Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni kungokuba kungekho-Nkulunkulu kwaIsrayeli ukuba kubuzwe ngezwi lakhe na? Ngalokho awuyikwehlika embhedeni okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa.
17Yayisifa njengezwi likaJehova alikhulumileyo uEliya. UJehoramu waqala ukubusa esikhundleni sakhe ngomnyaka wesibili kaJehoramu indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, ngokuba wayengenandodana.
18Ezinye izindaba zika-Ahaziya azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?