Ngokunikela nangesibusiso esivela ngokunikela
1Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele,
2ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi iAkhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo.
3Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwe ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele,
4funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya, banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina — singasaniphathi nina — ngalelithemba.
5Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini, balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisiwe, sibe-njengesesibusiso, singabi-njengesokuncishana.
6Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
7Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
8Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,
9njengokuba kulotshiwe ukuthi:
Wahlaphaza, wapha abampofu;
ukulunga kwakhe kuhlala kuze kubephakade.
10Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu,
11ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12Ngokuba ukukhonza ngalenkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi,
13lokhu ngokuvivinyeka kwalenkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke,
14banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini.
15Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.