UThithu ujabulisa uPawulu ngokumbikela uthando nokulalela kwabaseKorinte
1Lokhu sinalezozithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
2Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu; asonanga-muntu, asonakalisangamuntu, asidlanga-muntu.
3Angikusho ngokunilahla; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani.
4Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo.
5Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga-nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.
6Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu,
7kungabi-ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu.
8Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola — ngiyabona ukuthi leyoncwadi yanidabukisa noma kwaba-yisikhathi nje —
9manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba-ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa-lutho ngathi.
10Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube-ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
11Ngokuba bhekani, khona lokhokudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kulendaba.
12Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.
13Ngalokho siduduzekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela, ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu, ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke;
14ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba-yiqiniso.
15Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.
16Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.