Isibingelelo
1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke laseAkhaya:
2Makube-kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
UPawulu ubonga uNkulunkulu ngenduduzo nangokusindiswa kwakhe ezingozini
3Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,
4osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe-namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
5Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.
6Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.
7Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.
8Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela eAsiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.
9Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo,
10owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.
11Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.
12Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
13Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube-sekugcineni,
14njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.
UPawulu uchasisa isizathu sokungafiki kwakhe eKorinte
15Nginalelothemba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,
16ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya.
17Pho-ke, bengidlala nje ngisahlosé lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube-nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na?
18Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo.
19Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.
20Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zinguAmen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.
21Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu,
22owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.
23Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe-ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,
24kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.