Umlilo wasezulwini
1USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
2Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.
3Lapho abantwana bakwaIsrayeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywé ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.
4Inkosi nabo bonke abantu base benikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.
5Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwaIsrayeli bahlambululake indlu kaJehova.
6Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke uIsrayeli.
7USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula, ngokuba ialtare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni.
8USolomoni wagubha-ke umkhosi ngalesosikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke uIsrayeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube-semfuleni waseGibithe.
9Ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwealtare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.
10Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni noIsrayeli abantu bakhe.
UNkulunkulu uyabonakala ngokwesibili kuSolomoni
11USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova nendlu yenkosi; konke okwangena enhliziyweni kaSolomoni ukukwenza endlini kaJehova nasendlini yakhe, wakuphumelelisa.
12UJehova wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele lendawo ukuba ibeyindlu yomhlatshelo.
13Uma ngivala izulu ukuba kungabikho-mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,
14bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
15Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kulendawo.
16Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa lendlu ukuba igama lami libe-khona lapho kuze kube-phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba-khona lapho isikhathi sonke.
17Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, wenze njengakho konke engikuyalé ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,
18ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengesivumelwano sami noDavide uyihlo ngokuthi: Akuyikunqunywa-muntu kuwe ukuba kungabikhombusi kwaIsrayeli.
19Kepha uma nibuya, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeké phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,
20ngiyakubasiphula ezweni lami engibaniké lona, nalendlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.
21Lendlu ephakeme kangaka, yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: UJehova wenzeleni kanje kulelizwe nakulendlu na?
22Bayakuphendula bathi: Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.