OManase noAmoni bangamakhosi kwaJuda
1UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.
2Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
3Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza oAshera*, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
4Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: Igama lami liyakuba-khona eJerusalema kuze kube-phakade.
5Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.
6Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.
7Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: Kulendlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwaIsrayeli ngiyakubeka igama lami kuze kube-phakade;
8futhi angisayikususa unyawo lukaIsrayeli ezweni engilimisele oyihlo, uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayalé ngakho, wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.
9UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
10UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga.
11Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yaseAsiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamyisa eBabele.
12Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.
13Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.
14Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube-sekungeneni kweSango leziNhlanzi; walihaqa iOfeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.
15Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.
16Wakha ialtare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
17Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo kuphela.
18Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwaIsrayeli.
19Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo oAshera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.
20UManase wayeselala koyise; bammbela endlini yakhe; uAmoni indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
21UAmoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema.
22Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise; uAmoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzileyo uManase uyise, wazikhonza.
23Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise, kepha yena lowoAmoni wenza amacala akhe aba-maningi.
24Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.
25Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi uAmoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.