IZIKRONIKE II 27
UJothamu uyinkosi kwaJuda
1UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.
2Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uUziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.
3Wakha isango lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwaseOfeli wakha okuningi.
4Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.
5Walwa nenkosi yabantwana bakwaAmoni, wabahlula. Abantwana bakwaAmoni bamnika ngawona lowomnyaka amatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali* ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.
6UJothamu waba-namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
7Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke ukulwa kwakhe, nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaIsrayeli nakwaJuda.
8Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.
9UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; uAhazi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.