UAmasiya uyinkosi kwaJuda. Unqoba abakwaEdomi. Unqotshwa nguJowashi inkosi yakwaIsrayeli
1UAmasiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema.
2Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.
3Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
4Kodwa akabulalanga abantwana bazo, kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
5Futhi uAmasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.
6Waqasha kwaIsrayeli amaqhawe anamandla ayinkulungwane eyikhulu ngamatalenta* ayikhulu esiliva.
7Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu, wathi: Nkosi, impi yakwaIsrayeli mayingahambi nawe, ngokuba uJehova akasenaye uIsrayeli nabo bonke abantwana bakwaEfrayimi,
8kepha kuhambe wena, ukwenze, uziqinisele impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha na? Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.
9UAmasiya wayesethi kulowomuntu kaNkulunkulu: Kepha siyakwenze-njani ngamatalenta* ayikhulu engiwaniké impi yakwaIsrayeli na? Umuntu kaNkulunkulu wathi: UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.
10UAmasiya wayeseyahlukanisa impi ebifiké kuye ivela kwaEfrayimi ukuba iye ekhaya; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda, babuyela ekhaya bevutha ulaka.
11UAmasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini sikaSawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
12Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa, babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.
13Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emuva nguAmasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kubeseBeti-Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, bathatha impango eningi.
14Kwathi uAmasiya esebuyile ekubulaleni abakwaEdomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe-ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.
15Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela uAmasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye: Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?
16Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: Sikubeké umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulalelwani na? Wayeseyeka umprofethi, wathi: Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.
17UAmasiya inkosi yakwaJuda eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwaIsrayeli, wathi: Woza sibhekane ubuso nobuso.
18UJowashi inkosi yakwaIsrayeli wathumela kuAmasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe-ngumkayo; kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
19Uthi: Bheka, ngichithile uEdomi; inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?
20Kepha uAmasiya akalalelanga, ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefunile onkulunkulu bakwaEdomi.
21Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwaIsrayeli; yena noAmasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti-Shemeshi elingelakwaJuda.
22UJuda wahlulwa phambi kukaIsrayeli; babaleka, kwaba-yilowo nalowo etendeni lakhe.
23UJowashi inkosi yakwaIsrayeli wambamba uAmasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti-Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwaEfrayimi kuze kube-seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
24Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova kuObede-Edomi, nengcebo yendlu yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
25UAmasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwaIsrayeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
26Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina, bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli na?
27Kusukela esikhathini uAmasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
28Bamthwala ngamahashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.