OAhabi noJehoshafati bahlasela iAramu. Ukufa kuka-Ahabi
1UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo noAhabi.
2Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela kuAhabi eSamariya. UAhabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti-Gileyadi.
3UAhabi inkosi yakwaIsrayeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: Uyakuhamba nami, siye eRamoti-Gileyadi, na? Wathi kuye: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba-nawe empini.
4UJehoshafati wathi enkosini yakwaIsrayeli: Ake ubuze namuhla izwi likaJehova.
5Inkosi yakwaIsrayeli yayisibutha abaprofethi, amadoda angamakhulu amane, yathi kubo: Sihambe siye yini eRamoti-Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na? Bathi: Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakulinikela esandleni senkosi.
6Kepha uJehoshafati wathi: Akusekho-mprofethi kaJehova lapha ukuba sibuze kuye na?
7Inkosi yakwaIsrayeli yathi kuJehoshafati: Kusekhona umuntu munye esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akazange aprofethe okuhle ngami, kepha okubi njalo; kunguMikhaya indodana kaJimila. Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.
8Inkosi yakwaIsrayeli yayisibiza induna, yathi: Landa masinyane uMikhaya indodana kaJimila.
9Inkosi yakwaIsrayeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba-yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.
10USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele.
11Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: Khuphukela eRamoti-Gileyadi, ube-nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
12Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye; ngalokho izwi lakho malibe-njengelinye labo, ukhulume okuhle.
13Kepha uMikhaya wathi: Kuphila kukaJehova, lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.
14Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: Mikhaya, sihambe silwe neRamoti-Gileyadi, noma ngiliyeke na? Wathi: Khuphukani, nibe-nempumelelo; bayakunikelwa esandleni senu.
15Yayisithi kuye inkosi: Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi-lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?
16Wayesethi: Ngabona wonke uIsrayeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: Laba abasenankosi; mababuyele, kube-yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.
17Yayisithi inkosi yakwaIsrayeli kuJehoshafati: Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela, na?
18UMikhaya wathi: Ngalokho yizwani izwi likaJehova: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.
19UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga uAhabi inkosi yakwaIsrayeli ukuba akhuphuke, afele eRamoti-Gileyadi na? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.
20Kwavela umoya, wema phambi kukaJehova, wathi: Mina ngiyakumyenga. UJehova wathi kuye: Ngantoni na?
21Wathi: Ngiyakuphuma ngibe-ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke. Wathi: Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.
22Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalababaprofethi bakho; uJehova ukhulumile okubi ngawe.
23USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?
24Wathi uMikhaya: Bheka, uyakukubona ngalolosuku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.
25Inkosi yakwaIsrayeli yathi: Mthatheni uMikhaya, nimbuyisele kuAmoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi,
26nithi: Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.
27Wayesethi uMikhaya: Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube enga khulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina-bantu bonke.
28Inkosi yakwaIsrayeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti-Gileyadi.
29Inkosi yakwaIsrayeli yathi kuJehoshafati: Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho. Yayisiziguqula inkosi yakwaIsrayeli, bangena ekulweni.
30Kepha inkosi yaseAramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi: Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwaIsrayeli yodwa.
31Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: Yena uyinkosi yakwaIsrayeli; zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.
32Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwaIsrayeli, zabuya ekumlandeleni.
33Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwaIsrayeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi; yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.
34Ukulwa kwaqina ngalolosuku; inkosi yakwaIsrayeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu kwaze kwaba-kusihlwa, yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.