USawule uyahlula ama-Amaleki
1USamuweli wathi kuSawule: UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube-yinkosi phezu kwabantu bakhe uIsrayeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova.
2Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo kuIsrayeli ukuthi wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe.
3Hamba manje, unqobe uAmaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.
4USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda.
5USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini.
6USawule wathi kumaKheni: Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwaIsrayeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe. Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.
7USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe.
8Wabamba uAgagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.
9Kepha uSawule nabantu bayeka uAgagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelelekileyo nezondileyo baziqeda nya.
Ukungalaleli nokulahlwa kukaSawule
10Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi:
11Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami. USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.
12USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.
13USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.
14USamuweli wayesethi: Kuthini, pho, lokhukukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?
15USawule wathi: Babuyé nazo kuma-Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho; ezinye siziqedile nya.
16USamuweli wayesethi kuSawule: Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobubusuku. Wathi kuye: Khuluma.
17Wathi uSamuweli: Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba-yinhloko yezizwe zakwaIsrayeli na? UJehova wakugcoba, waba-yinkosi phezu kukaIsrayeli.
18UJehova wakuthuma indlela, wathi: Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.
19Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?
20USawule wathi kuSamuweli: Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile uAgagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.
21Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.
22USamuweli wathi: UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?
Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,
nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.
23Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,
nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi*.
Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba-yinkosi.
24USawule wayesethi kuSamuweli: Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.
25Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.
26USamuweli wathi kuSawule: Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba-yinkosi phezu kukaIsrayeli.
27USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka.
28USamuweli wathi kuye: UJehova uklebhulile umbuso kaIsrayeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.
29IThemba likaIsrayeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.
30Wayesethi: Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kukaIsrayeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.
31USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova.
OSamuweli noAgagi
32USamuweli wayesethi: Lethani kimi uAgagi inkosi yama-Amaleki. UAgagi wafika kuye esasile. UAgagi wathi: Impela umunyu wokufa udlulile.
33USamuweli wathi: Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye. USamuweli wayesehlahlela uAgagi phambi kukaJehova eGiligali.
34USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.
35USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kukaIsrayeli.