Impi namaFilisti
1USawule wabusa umnyaka; esebusile iminyaka emibili kwaIsrayeli,
2uSawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwaIsrayeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba-yilowo nalowo etendeni lakhe.
3UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: Makezwe amaHeberu.
4Wonke uIsrayeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi uIsrayeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.
5AmaFilisti abuthana ukuba alwe noIsrayeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti-Aveni.
6Lapho abantu bakwaIsrayeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, naezinqabeni, nasemigodini.
7NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela.
USawule unikela ngokungengamthetho
8Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esimisiwe nguSamuweli, kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu bahlakazeka kuye.
9USawule wayesethi: Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula. Wanikela ngomnikelo wokushiswa.
10Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.
11USamuweli wathi: Wenzeni na? USawule wathi: Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,
12ngathi: Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga; ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.
13USamuweli wathi kuSawule: Wenzé ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwaIsrayeli kuze kube-phakade.
14Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe-ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.
15USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.
16OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababenaye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.
17Abaphangi baphuma ekamu* lamaFilisti ngezigaba ezintathu; esinye isigaba sahamba ngendlela eya eOfira ezweni laseShuhali;
18esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti-Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.
19Kwakungekho-mkhandi ezweni lonke lakwaIsrayeli, ngokuba amaFilisti athi: Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.
20Bonke abakwaIsrayeli behlela kuwo amaFilisti, kwaba-yilowo nalowo ukuba alole umese wakhe, nempumulo yakhe, nembazo yakhe, nesikela lakhe;
21imali yayiyipimi* ngezimpumulo nangezimfoloko, nenxenye yesithathu yeshekeli* ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.
22Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho-nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.
23Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.