Ukulangazelela ubisi oluhle lwezwi
1Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke;
2njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kubengukusindiswa,
3uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.
Ukwakhiwa kwendlu yokomoya
4Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwé ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu,
5nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe-yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.
6Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi:
Bhekani, ngibeka eSiyoni
itshe legumbi elikhethekile, liyigugu;
okholwa yilo
akasoze ajabhiswa.
7Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba-yinhloko yegumbi,
8netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo;
9kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;
10ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.
11Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,
12nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi
13Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu,
14nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle,
15ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula
16njengabakhululekileyo, kodwa kungabi-njengabenza ukukhululeka kubeyisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
17Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.
18Nina-zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi-ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwangu-xhwangu.
19Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele.
20Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenzé okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.
21Ngokuba nabizelwa khona lokho; ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe
22ongenzanga isono,
akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe;
23owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga;
24yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;
25ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.